INkosi nesizwe sayo babopha ifindo lesivumelwano

INkosi nesizwe sayo babopha ifindo lesivumelwano; – amaphuzu ayishumi esivumelwano uEksodusi 19 no 20 Izinyanga ezimbili nosuku emva kokuba abakwaIzrayeli baphuma kwelaseGibhithe bafika ogwadule lwaseSinayi. Babesuké eRefidim njengoba sebefika lapho nje; baphumulela eduze nentaba iSinayi. UMosi wenyuka, waqonda kuNkulunkulu entabeni. … qhubeka

AbaPhrofethi

Izincwadi eziyisikhombisa zokugcina ethestamenteni elidala zaziwa ngokuthi „ngezabaPhrofethi“. Yileyo naleyo ibizwa ngomphrofethi othile osethestamenteni elidala, iqukethe imibono nezeluleko nezexwayiso zakhe. Incwadi „isiHlabelelo seziHlabelelo“ ithathwa njengenye yezabaPhrofethi ngokwenqubo yenkolo yobuJuda, bese kuthi incwadi kaDanyela ingabalelwa kuzo, ibalelwe kokuthiwa ngezoMbhalo (amaHubo, iZaga). … qhubeka

uThando

uThando

– iNcwadi yokuqala uPhawuli ayilobela ibandla laseKhorinte (I Kor.) – Noma ngingakhuluma izilimi ngezilimi – ezabantu ngisho nezezingilosi – kodwa uma ngingenalo uthando, ngifana nethusi elikhencezayo; ngizwakala njengokuyinsinjana okuzikhenqezelelayo-nje.   Noma nginga’nesiphiwo esingandile sokuba ngumphrofethi; ngishumayele ngiqonde izimfihlakalo zonkana; noma … qhubeka

iHubo 121

Ngenyusa amehlo, ngisinga izintaba. Usizo lwami luyovelaphi na? Usizo lwami luvela kuSmakade; yena owadala izulu, wadala umhlaba. Akaluvumeli unyawo lwakho lushelele; Umelusi wakho akalokothi ozele. Phinde! Akozeli, akalali! Nguyena melusi kaIzrayeli lo! Nguyena uSmakade okuhlengayo; ungumthunzi, uyisiphephelo sakho nxazonke. Ilanga … qhubeka

uDavida noGoliyade

Ibambene impi kwaIzrayeli. AmaFilisti emi ngasegqumeni elinganeno kwethafa; uIzrayeli umi ngaphesheya. Sekusuka omunye wamaFilisti esephumela eshashalazini. NguGoliyade  igama lakhe, isidlakela esihlomé sahlomisisa. Siqhuba okuyindojeyana okusithwalele isihlangu saso. “Mihlolo mini lena enisihlolela yona senihlomelé ukuzohlasela thina Mafilisti?  Ningobani-nje nina, imithothongo kaSawula … qhubeka

Ngife kanjani?

UMathias Greffrath, usolwazi kwezeSimo neNhlalisano eMphakathini ongumlobeli woMsakazo wakwelaseNyakatho neJalimane,  iNorddeutscher Rundfunk, kanye namaphephandaba ehlukene, usethulela umbono wakhe kulolu daba oludingidwa emphakathini oluphathelene nezinsuku nemizuzu yokugcina empilweni. OkaGreffrath uthi: Uma singazikhethela: Singafisa ukufa ngayiphi indlela? Kwawona lo mbuzo uyaphaphalaza: Nalowo … qhubeka

„Kuyazifanela-nje? Osacindezelwe Nokhululekile? – ezeNkolo eMshikashikeni waNsukuzonke“

UMfundisi uKlaus Eulenberger wasemzinikazi iHamburg kwelaseJalimane usethulela lapha udaba oluqukethe imibono nolwazi oluvela ocwaningweni olujulile alwenzile ngomkhuba owaziwayo wokuhlukumezana nokucindezelana nokugqilazana emphakathini nasemhlabeni jikelele. UMfundisi uEulenberger ulweneka lolu daba elususela eNkolweni ngokwenqubo yesiJuda [esethestamenteni elidala ebhaybhelini], edlulele ekuphathekeni kwalo eNkolweni … qhubeka

UGenesisi

Isahluko sokuqala 1 Indalo nendabuko 1 Endulo uMvelingqangi wadala izulu, wadala nomhlaba. 2 Umhlaba lo wawuselugwadule nje, ulihlane; kumnyama kwesabeka. Umhlabathi wawujulé echibini elibanzikazi. Izikhukhula nezikhwishikazane zazihlasele yonke indawo. 3 Usethi ke uMvelingqangi: „Akukhanye!“ Khanyiyane! 4 Wakuthokozela lokho. Usehlukanisa ke … qhubeka

I B H A Y B H E L I – NGESIZULU

ITHESTAMENTE ELIDALA UGenesisi Izindima nezihloko encwadini uGenesisi endulo okhokho bakaIzrayeli uJosefa nabanewabo

UNomsa noLungi. Kuyasetshenzwa!

Sihumushela esiZulwini: Incwadi yamaKhosi yokuqala, isahluko sesithathu (1 Khos 3)

1. Isinyathelo sokuqala: Siyifunda eBhaybhelini lesiHebheru (biblia hebraica) okuyilapho yalotshwa khona okokuqala ngqa, lapho yathathwa khona isihunyushelwa kwezinye izilwimi. Ifundeka kanjena khona uma sithatha lolo nalolo luhlamvu, silufaka esiZulwini: 1Wayeseganiselana-ke uSalomo noFaro, umbusi wakwelaseGibhithe, wayesethatha-ke indodakazi kaFaro, wayeseyisa emzini (= … qhubeka