uMikha

UMikha waphila washumayela eJerusalema eyintanga kaIzaya engxenyeni yesithathu yokugcina senkathi yeminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [800 ph.Khr.].  Wayekhulelé emaphandleni; ukungahlalisani ngokwazisana nokubonelelana emphakathini kwelomkhulu lwabakwaJuda wayekugxeka kakhulu. Abaphathi, ikakhulukazi umbuso nabasebukhosini kanye nabaphathi kwezenkolo – ngokubona kwakhe … qhubeka

uJona

UJona esiswini senhlanzikazi yasolwandle sekwaba umfanekiso owaziwa kakhulu, ochaza ukuthi oPhezukonke angehliselana ekujuleni kwezingqinamba, adudulelane ezandleni zokubhujiswa, ukuze kugcine kuphunyukelekile, kwaphulukundleleka ezibophweni zonya nenzondo nasekuzikhukhumeza nokubandlulula, kukhululekeke ukuphila ngokungubufakazi bothando loPhezukonke olungenamkhawulo. Ezincwadini zabaphrofethi, le yehlukile: Ayisiyo-nje inqolobane yamazwi omphrofethi, … qhubeka

uObadiya

Le ncwajana yomphrofethi yalotshwa ngezikhathi zokunqotshwa nokubhidlizwa kweJerusalema kowamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo.  Indlela lolu daba olubekwé ngayo evesini leshumi kuya kweleshumi nanhlanu yenza kuthatheke sengathi kuxoxa ufakazi owazibonela ngawakhe noma-ke owayephila ngalezo zikhathi. Isisusa … qhubeka

uAmose

Umphrofethi wokuqala intshumayelo yakhe esiyithola encwadini ebizwa ngaye, nguAmose wasemzanyanyana omncane kwelakwaJuda.  Ngokusho kwakhe, uSmakade wamlanda ekwaluseni, wambizela ekutheni ayoba ngumphrofethi enyakatho kwelakwaIzrayeli (Amose 7,15). Washumayela lapho maphakathi nesikhathi eside nesasinempumelelo sombuso weNkosi uJerobheyami wesiBili, okwakuseminyakeni yamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili … qhubeka

uJoweli

Le ncwajana izungeza udaba lunye-nje: „uSuku loPhezukonke lokwaHlulela“ olwalusemqoka kakhulu enkolweni yabakwaIzrayeli ngeziphathelene nekusasa nengunaphakade. Isisusa sayo ukuhlasela kwesikhonyane okwathi uJoweli wakufanisa nomhla wokwahlulelwa komhlaba, wahlulelwa ngoPhezukonke (uJoweli 1,2-2,11). Ekuzikhaleleni kwesizwe nasekuzimiseleni kwaso ukuphenduka, oPhezukonke uphendula ngokuthi isizwe sakhe siyokophulwa, … qhubeka

uHoziya

UHoziya wayekhulelé enyakatho kwelakwaIzrayeli, lapho ayeshumayela khona esikhathini esiphakathi kwengamakhulu ayisikhombisa namashumi amahlanu kuya kwengamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nambili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [750-722 ph.Khr.]. Wayekhononda ngokuphambuka kwababaziswa emphakathini emzini iSamariya, ikomkhulu, nasemashashalazini okwakukhulekelwa kuwo eBhethel, abase bemfulathele oPhezukonke, … qhubeka

abakwelasePhereshiya

AbakwelasePhereshiya kwakuyisizwe esingomahambanendlwana esasisuké eningizimu nelaseRashiya saze sagcina sizinzé e-Irani (ePhereshiya). Safika sazakhela empumalanga nogu loLwandle lwasePhereshiya, esifundazweni nanamuhla lokhu esaziwa ngokuthi kuseFarzistan. Umbusi wokuqala wabakwelasePhereshiya okuxoxwa ngaye emlandweni nguKhirosi wokuQala. Wayebusa phambidlana nangemuvana kowamakhulu ayisithupha namashumi amane phambi kwale … qhubeka

uHezekhiya

 Eminyakeni elishumi ephakathi kowamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalolunye nesikhombisa kuya kowamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo [597 – 587 ph.Khr.] kwakunezehlakalo ezasiguqula zasiguqulisisa isimo kwelakwaJuda naseJerusalema. Selokhu kwasuka ngowamakhulu ayisithupha nane phambi kwale nkathi esiphila kuyo [604 … qhubeka

iNcwadi “uDanyela”

Le ncwadi „uDanyela“ iqukethe izingxenye ezimbili ezahlukene: Izahluko eziyisithupha zokuqala sixoxa ngokophulwa nokusinda kukaDanyela nabangani bakhe besekudingisweni kwelaseBhabhiloni (okulinganiselwa ukuthi kwakuseminyakeni ephakathi kwenamakhulu ayisithupha nayisihlanu ngaphambi kwale nkathi esiphila kuyo, 600/500 ph.Khr.); kusukela esahlukweni sesikhombisa kuya kweseshumi nambili ngamaphupho nemibono … qhubeka

isiLilo

Lezi zinkondlo nezingoma eziqukethwe kule ncwajana zaqoqwa eminyakeni engemuvana-nje nokunqotshwa nokubhidlizwa kweJerusalema ngamabutho ombusi wakwelaseBhabhiloni, uNebukhedineza, onyakeni wamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo [587 ph.Khr.] – yisahluko sokuqala-nje okungenzeka ukuthi salotshwa ngonyaka wamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye … qhubeka