Ingosi: ezisematheni

Umlando ngokuqukethwe eziNcwadini „AmaKhosi“

Incwadi „amaKhosi: iNcwadi yokuQala“ [1 Khos] iqhubeza umlando ngoDavida. Ukudunjwa kukaSolomoni njengoyolandela esihlalweni sobukhosi, ukugcotshwa kwakhe, izifiso nezinqumo zokugcina zikaDavida kanye nokukhothama kwakhe iphethwa ngazo inkathi yombuso kaDavida ezahlukweni zombili zokuqala eNcwadini yamaKhosi yokuQala [1 Khos 1,1-2,11]. Kuvela obala zisuka-nje … qhubeka

iNcwadi kaMichael Mahoney: The Other Zulus

iNcwadi kaMichael Mahoney: The Other Zulus: Spread of Zulu-Ethnicity in Colonial South Africa [Durham | London: 201, amakhasi xiv + 292,  ISBN 978 0 822 35309 6] Incwadi yakhe ewumbiko ngocwaningo alwenzile ngokuthi kwaphembeka kanjani, nini, ukuzazi nokuzazisa njengesizwe kwabomdabu kwelinganeno … qhubeka

iNsumansumane ngoMaqhamsela Khanyile: uCwaningo loMlando olusaQhubekayo

KwabeNtumo kwezeNkolo bakwelaseNoki [Norway] kunengxoxo muva-nje ngothile abathi babekade bezitholele yena, bemondla, bemshumayeza, waze wagcina evumile “ukuphenduka”, “akholwe”, emukele inkolo yobuKhristu,  okuthiwa wabulawa, ebulawelwa leso sinqumo sakhe sokuthi abhajadiswe, ebulawa ngokuthiwa babejutshwé yiNkosi uCetshwayo kaMpande kaSenzangakhona [1828-1884]. Muva-nje le ngxoxo … qhubeka

Umlando oqukethwe eziNcwadini “uSamweli”

Zombili iziNcwadi ezithwele isihloko esithi “uSamweli” njengalezi ezithwele isihloko esithi “amaKhosi” zingavele zethulwe kuxoxwe ngazo-nje kanyekanye. Zihlobene kakhulu impela, nòma zaqhamuka emithonjeni eyahlukene. Umlobi womlando, umDutheronomi, wayibopha yaba nyanda-nye imizekeliso nemibiko eyaseyiqoqile, wakhipha ingxoxo ebumbene ewumlando okuthi eziNcwadini ezithwele isihloko … qhubeka

Umlando oqukethwe eNcwadini „uRuthi“

Emqulwini wezincwadi zenkonzo ngokwenkolo yobuJuda ezilotshwé ngolwimi lwakubo lwesiHebheru [biblia hebraica], le ncwadi, “uRuthi”, isengxenyeni yokugcina yohlelo lweziqukethwe. Emiqulwini ethathelwa lapho – kowesiGrikhi, owaziwa ngokuthi “yiSepthwaginta”, nowesiLathini, obizwa ngokuthi “yiVulgatha”, kanye nakuyo yonke-ke eyahunyushwa ithathelwa lapho [owesiNgisi, owesiJalimane, owesiBhunu, …] … qhubeka

Umlando oqukethwe eNcwadini „abeHluleli“

Isiphetho esihlaba umxhwele seNcwadi uJoshwa ebesiyethula ebaleni elithi „Umlando ngokuqukethwe eNcwadini uJoshwa“  silandelwa umzamo ongaphumelelanga kahle hle wokwethula isihloko esisha seNcwadi „abeHluleli“ esibika ngokuqhubeka komlando wabakwaIzrayeli emva kokufika nokungenisa kwabo kwelaseKhenani. Isahluko sokuqala [abeHluleli 1] sifundeka njengombiko ophindelela emuva, ezikhathini … qhubeka

uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini

uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini – SaKhuZulu –   Singobani?  Sihlushwé yini?  Sihloseni? Senzani?  Sisebenza kanjani?  Sisebenzelana sibambisene nobani? Sidinga lusizo luni?   >> xhumana nathi: biblia-zuluensis@t-online.de   nguDkt uBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] … qhubeka

Umlando ngokuqukethwe eNcwadini uJoshwa

Emva kokuba esahlukweni sokugcina sikaNcwadi-Nhlanu [Dutheronoma 34] kubikwé ngokufa kukaMosi, eshonela entabeni iNebo enyakatho-mpumalanga nonqenqema lwezintaba enhla koLwandle oluFile, leNcwadi uJoshwa ixhuma khona lapho, iqhubeke nengxoxo yayo. “izwe lesethembiso“ UJoshwa usethatha-ke lapha ubuholi besizwe ukuze silithathe siholwa nguye “izwe lesethembiso“.  Esahlukweni … qhubeka

Kuyasetshenzwa 2010

Statement for Clarification

Statement for Clarification   by   “Biblia Zuluensis – iBhaybheli ngesiZulu” on reports in the media on 05 January 2015 that “the Jacob Zuma Foundation has partnered with the Roman Catholic Church to improve the existing translation of the Bible into isiZulu.” http://www.sanews.gov.za/south-africa/foundation-sponsor-improved-translation-bible-isiZulu … qhubeka

uMaleyakhi

Igama uMaleyakhi, okungelesiHebheru, lichaza ukuthi „isithunjwa sami“; ibizo lalo mphrofethi asilazi. Incwadi yakhe iqukethe izinkulumo eziyisithupha ezibekwe njengengxoxo yabaqwagayisanayo. Umuso obekwa ngumphrofethi uphendulwa ngabawuphikisayo, bese kulandela impendulo echazisisayo. Ukugcizelelisisa kwezokholo (uMaleykhi 1,6-14) nakwezesimilo nokuziphatha (uMaleyakhi 2,10-16) kuhambisana nenqubo endala yentshumayelo … qhubeka