Ingosi: ezisematheni

uHoziya

UHoziya wayekhulelé enyakatho kwelakwaIzrayeli, lapho ayeshumayela khona esikhathini esiphakathi kwengamakhulu ayisikhombisa namashumi amahlanu kuya kwengamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nambili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [750-722 ph.Khr.]. Wayekhononda ngokuphambuka kwababaziswa emphakathini emzini iSamariya, ikomkhulu, nasemashashalazini okwakukhulekelwa kuwo eBhethel, abase bemfulathele oPhezukonke, … qhubeka

abakwelasePhereshiya

AbakwelasePhereshiya kwakuyisizwe esingomahambanendlwana esasisuké eningizimu nelaseRashiya saze sagcina sizinzé e-Irani (ePhereshiya). Safika sazakhela empumalanga nogu loLwandle lwasePhereshiya, esifundazweni nanamuhla lokhu esaziwa ngokuthi kuseFarzistan. Umbusi wokuqala wabakwelasePhereshiya okuxoxwa ngaye emlandweni nguKhirosi wokuQala. Wayebusa phambidlana nangemuvana kowamakhulu ayisithupha namashumi amane phambi kwale … qhubeka

uHezekhiya

 Eminyakeni elishumi ephakathi kowamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalolunye nesikhombisa kuya kowamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo [597 – 587 ph.Khr.] kwakunezehlakalo ezasiguqula zasiguqulisisa isimo kwelakwaJuda naseJerusalema. Selokhu kwasuka ngowamakhulu ayisithupha nane phambi kwale nkathi esiphila kuyo [604 … qhubeka

iNcwadi “uDanyela”

Le ncwadi „uDanyela“ iqukethe izingxenye ezimbili ezahlukene: Izahluko eziyisithupha zokuqala sixoxa ngokophulwa nokusinda kukaDanyela nabangani bakhe besekudingisweni kwelaseBhabhiloni (okulinganiselwa ukuthi kwakuseminyakeni ephakathi kwenamakhulu ayisithupha nayisihlanu ngaphambi kwale nkathi esiphila kuyo, 600/500 ph.Khr.); kusukela esahlukweni sesikhombisa kuya kweseshumi nambili ngamaphupho nemibono … qhubeka

isiLilo

Lezi zinkondlo nezingoma eziqukethwe kule ncwajana zaqoqwa eminyakeni engemuvana-nje nokunqotshwa nokubhidlizwa kweJerusalema ngamabutho ombusi wakwelaseBhabhiloni, uNebukhedineza, onyakeni wamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo [587 ph.Khr.] – yisahluko sokuqala-nje okungenzeka ukuthi salotshwa ngonyaka wamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye … qhubeka

ukuDingiswa nokuBuyela kwelaKubo

Ngonyaka wamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nambili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [722 ph.Khr.] iSamariya lanqotshwa ngabaseAsirya. Umphakathi wasembusweni osenyakatho kwelakwaIzrayeli wathunjwelwa ekudingisweni; awuphindanga wabuya lapho. Abaphrofethi bexwayisa ElakwaJuda nekomkhulu lalo, iJerusalema, lasinda olakeni lwabaseAsirya. Sazizwa siphephile isizwe, sesithi akasoze oPhezukonke … qhubeka

abakwelaseBhabhiloni

ElaseBhabhiloni kwakuyingxenye eseningizimu yakwelaseIraki: lesi sifundazwe okunqamula kuso imifula iEfratha neThigrisi ingakafinyeleli olwandle lwasePhereshiya.  Kukwadedangendlale, imimango ibekile.  Selokhu baqala abakhona ukuwanqanda bawagelezisele ezivandeni nasemasimini amanzi emifula yakwelakubo benothisa ngawo umhlaba, kwaphembeka imizi yokuqala eyahluma yathuthuka. Impucuko ElaseBhabhiloni ngesinye sezifundazwe kwelaseMpumalanga-emaPhakathi … qhubeka

umPhrofethi uJeremiya

Akekho omunye umphrofethi ochaza ukwedlula uJeremiya ukuthi kunjani emphefumulweni walowo ozizwa ethunywé ngoPhezukonke ukuphaphamisa nokuxwayisa umphakathi, ememezela ngolaka nobunzima obuzayo. UJeremiya wayephila esebenza eJerusalema kusuka ekupheleni kwenkathi yeminyaka engamakhulu ayisikhombisa [kubalwa kuhlehlwa] kuya ekuqaleni kwenkathi yeminyaka eyisithupha ngaphambi kwale nkathi … qhubeka

umPhrofethi uIzaya

Umphrofethi uIzaya waphila wasebenza eJerusalema, ekomkhulu lombuso wakwaJuda, ngesikhathi esiphakathi konyaka wamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha kuya kowamakhulu ayisikhombisa nanye ngaphambi kwale nkathi esiphila kuyo (736-701 ph.Khr.). Kukulesi sikhathi-ke futhi lapho umbuso waseAsiriya waqala ukunwebeka ukugudlule imingcele yawo – entshonalanga … qhubeka

isiHlabelelo seziHlabelelo

Le ncwadi emfushanyana iyinqolobane yemisho nezinkondlo ezixoxelana nezihlabelelana yona izithandani ezimbili, zikhululekile zingenamahloni. Ukuthola inqolobane enjena ebhaybhelini kwakuvame ukungemukeleki ngesasasa kwabaningi endulo; nanamuhla baningi abangenelwa  ngamahloni nokuzinyeza uma kuvulwé le ncwadi. Intshumayelo yale ncwadi ithi: Uthando luvela kuMdali; izithandani zidumisa uMdali. IsiHlabelelo seziHlabelelo … qhubeka